1887

oa Discourse - Iqhaza elingabanjwa yindebe kanobhutshuzwayo yomhlaba ka-2010 ekuthuthukiseni umnotho wezindawo ezisemaphandleni aKwazulu-Natali

 

Abstract

Ngaphandle kokungabaza, indebe yomhlaba kanobhutshuzwayo ka-2010 eyodlalelwa eNingizimu Afrika eminyakeni emine ezayo, ibukeka iyiko konke kubo bonke abantu. Kunemibono ethi iNingizimu Afrika inamathuba amahle kakhulu okuqinisekisa ukuthi indebe yomhlaba le iyahambisana nemigomo yenqubekela phambili. Osopolitiki bayibona le ndebe yomhlaba njengethuba lokwakha imisebenzi, nokwenza ngcono izinga eliphezulu ngokudabukisayo lokungaqashwa kwabantu baseNingizimu Afrika. Iziphathimadla zomasipala ziyibona le ndebe njengethuba lokusungula nokuthuthukisa izinqalazisinda ezinjengemigwaqo, izindlu kanye nokuphakelwa kwamanzi. Abafundisi bona bayibona le ndebe njengokuvuleka kokuqala kokufundisa izinhlelo ezintsha eziphathelene nezemidlalo, nezokungcebeleka nokuvakasha. Ngaphezu kwalokhu kuyaziwa ukuthi iNingizimu Afrika, okukakhulukazi iKwaZulu-Natal, ukuze iphumelele ekusingatheni le midlalo kufanele izivakashi zale midlalo izinikeze impatho esezingeni eliphezulu, futhi izivikele njengezikhali zabaNtungwa.

Loading

Article metrics loading...

/content/discourse/34/2/EJC31153
2006-12-01
2016-12-06
This is a required field
Please enter a valid email address
Approval was a Success
Invalid data
An Error Occurred
Approval was partially successful, following selected items could not be processed due to error